SBA Ukufunda Kuzwakale Term 2 Isizulu GRADE 12 TOTAL MARKS: 20 WHAT IS PLAGIARISM Plagiarism is when you use someone else’s work without giving them credit. Please ensure that you do not copy the answers from the online campus or any other sources. All work in this test must be completed by you in your own words. DECLARATION SCHOOL-BASED ASSESSMENT I declare that all work in this SBA is my own. I have not committed plagiarism as defined by the plagiarism policy and I have not copied any resources from the online campus to help me complete this SBA. Type your name here _________________________ Student signature LEARNING OUTCOMES ● Version 1 Ukuqonda inqgikithi ye-Ithemba Lami (Understand the context of IThemba Lami). ● Ukukhombisa ukuqondisisa isingeniso nesakhiwo (Show your understanding of the introductory chapters). ● Ukuhluza isahluko sesibili senoveli (Analyse chapter two of the novel). INSTRUCTIONS 1. Lo msebenzi unombuzo owodwa (This activity comprises ONE main question). 2. Phendula yonke imibuzo ngendlela ebuzwe ngayo (Complete all questions in the order that they are presented to you). 3. Ziqophe ufunda isiqephu 2, ebese ungenisa umsebenzi wakho (Record yourself reading Chapter 2 and submit the recording). 4. Amamaki esewonke alo msebenzi angama-20 (The possible maximum mark for this assignment is 20) 2 I-ORALI: UKUFUNDA KUZWAKALE UMBUZO 1 – ITHEMBA LAMI – L.F. MATHENJWA Funda le siqephu esilandelayo endabeni 'Ithemba Lami'. Uma usuqedile, ziqophe ufunda lesi siqephu ngokuzwakalayo nangokucacile. Uzobe usungenisa umsebenzi wakho owuqophile. Isiqephu 2 Kukubo kaSandanezwe, uyise kaSandanezwe uMkhumane uthamele isigcaki, nangu umzala kaSandanezwe uZondiwe efika. Mkhumane: Cha sikhona thina mntaka dadewethu, mane yibo omza wakho abalokhu behamba amalombo nawo la ma-eyidi enu esingawazoyo thina. Kuze kube manje akakabhali ukusazisa ukuthi kuhamba kanjani ezinyangeni lapho ekhona. Zondiwe: Uthini mmanje malume, ama-eyidi ani lawa okhuluma ngawo? Kanti nodokotela sebabizwa ngezinyanga yini futhi? Mina into engifuna ukuyazi ukuthi usenjani umzala uSandanezwe esibhedlela lapho ngamshiya khona. Mkhumane: Mntakankehli, uSandanezwe waya esibhedlela njengokumshiya kwakho, into eyasixaka nathi sathi singazelele sambona esethi thushu, ethi useshiyile esibhedlela useya ezinyangeni… Zondiwe: Kodwa malume wayengakwenza kanjani lokho uSandanezwe? Seziqale nini izinyanga ukuba ngcono kunodokotela? Mkhumane: Asazi mshana, umbuzo osenokuwubuza owokuthi wakwenzelani njengoba vele sewakwenza. Ngokusho kwakhe kithi wathi ucasulwa ukuthi odokotela ababoni ukuthi uphethwe yini, kuphela nje bayaqagela. 3 Zondiwe: Cha, impicabadala uqobo lwayo-ke lena. Eqinisweni angazi ukuthi ngingathi uma kunjalo uSandanezwe wakuthathaphi lokhu kufa ngoba ngimazi kungeyena nomuntu obukhali ngapha esifazaneni. Mkhumane: Asazi phela mntakadadewethu ngoba nalo msebenzi eniwenzayo uyasiheha isifazane ngemali, angisayiphathi eyale ngqephu eniyidlayo yemali eshisiwe. Zondiwe: Cha ibuhlungu le nto engiyizwayo malume. Okusho ukuthi uma sengiphindela emumva ngiyodlula ngimbone umzala. Kuyacaca ukuthi sengiyohamba zingakapheli izinsuku zami. Impela umhlaba lona usuyajika, uma sekuqala izifo ezingalapheki. Mkhumane: Asazi mshana noma sekusondele zona yini izinsukulezo ezibalwa eBhayibhelini ukuthi ziyobonakala ngokuvukelana kwemibuso, nokubheduka kwezifo ezingelapheki njengoba kwenzeka nje. Zondiwe: Kanti-ke asazi lapho malume, nami ake ngihlawule amabele kadadewenu engawenza aba imijwaqu nganati ngananti iphepha elibomvu. Uxole malume, kulokhu umuntu akakwazanga nokuthi akuphatheke nokuyinkantini. Mkhumane: Awu, ungizalile mntakankehli. Bekuyini okuyinkantini kenemali, into ebuye isibangele izifo lena? Cha, mshana, usuyosibonela nathi kodadewethu , usidungulele nalo mkhuhlane womzawakho usho ukuthi bengizomazisa Zondiwe: Ngiyomazisa Mkhumane ayikho inkinga. Hhayi-ke kuhlwa 4 ngomnyama, umuntu kuyoba kuhle atotobe kusakhanya. Mkhumane: Sibongile mshana ukuzosibona, konke kusemandleni okuphila, ubudoda yibo lobo mntakadadewethu, noma sesingafa siyokwazi ukuthi sinishiyenazana ukuthi niyazalana ISIPHETHO Amamaki esewonke angama-20 Irubhrikhi Okulindelekile Ukuphuma nokuzwakal a kwephimbo Ukuphimisa amagama azwakale Ukusebenz a kweziphum uzi Ukukhulum a ugeleze Isivinini ofunda ngaso Isamba samamaki esewonke Amamaki abekiwe 4 4 4 4 4 20 Amamaki omfundi 5